Inkambo yobuphoyisa iphoqa ukuba, njenagbasebenzi bama Phoyisa ase Ningizimu Afrika, siziphathe ngobuqotho nangenhlonipho kubantu nokuhlukana kwabo nokomthetho, ngalokho sikhulise futhi sithuthukise umsebenzi wethu ngendlela ezokwamukeleka emphakathini.
Ukwenza: Abasebenzi bomnyango wezamaphoyisa bathatha iqiniso njengento ebalulekile kunazozonke.
Ukuchaza: Thina, njengabasebenzi abangamaphoyisa , njalo sizohlala silwela ukusekelwa kwenhloso, ukwazisa kwemigomo yenkambo yamaphoyisa. Ukuziphatha kwethi kuzohambisana nalemigomo. Sizoziphatha ngokuthembeka nangokuzibophezela noma ngegunya kuzo zonke izimo. Sizohlala njalo sikhuluma iqiniso, senze umsebenzi wethu ngesithunzi, futhi sibe yisibonelo emiphakathini esisebenza kuyo.
Ukwenza: Abasebenzi bomnyango wezamaphoyisa ayakwamukela ukuhluka kwabantu bezwe lethu, futhi baphatha bonke abantu ngenhlonipho elinganayo.
Ukuchaza: Ekwenzeni umsebenzi wethu sizohlala njalo sikhombisa inhlonipho ngokwazi ukuthi imiphakathi ihlukile, ngamasiko nangokunye. Sizophatha wonke umuntu ngenhlonipho, futhi sihloniphe namalungelo abo njengabantu base Ningizimu Afrika. Asizuku bandlulula ngokungemthetho noma yimuphi umuntu.
Ukwenza: Abasebenzi bomnyango wamaphoyisa bahlale behlonipha futhi bephakamisa umthetho njalo.
Ukuchaza: Umsebenzi wethi uphathelene kakhulu nokugcizelelwa komthetho, futhi ngaloku sithi sizohlala njalo singaphansi komthetho no Mthethosisekelo wezwe lethu. Sizo hlala njalo sigwema ukuziphatha ngendlela ezokwenza siphule umthetho. Sizohlala njalo sivikele abantu abahlala eNingizime Afrika ezenzweni ezephula umthetho.
Ukwenza: Abasebenzi bomnyango wamaphoyisa basebenzela ukuhlala benza umsebenzi omuhle kakhulu.
Ukuchaza: Sizohlala ngaso sonke isikhathi, senza umsebenzi wethi ngawo onke mandla esinawo. Ukuziphatha kwethu kohlala kunomaka bobungcweti bomsebenzi wethu. Ukuziphatha noku bonakala kwethi kozoqinisa ukuzibophezela kwethu ekusebenzeni kahle kakhulu.
Ukwenza: Abasebenzi bomnyango wamaphoyisa basebenzisana kanye nomphakathi, ngoba bafuna ukuvunywa nokuxhaswa ngumphakathi.
Ukuchaza: Sizosebenza ngothando olukhulu lomphakathi, futhi nangayo yonke imizamo yokusekela umthetho, futhi sifuna ukuvunyelwa umphakathi wonkana.
